Izithelo zokusebenza ngokuzikhandla
Ngokujwayelekile uma sicabanga ngabantu aba ‘zinikelayo emiphakathini yabo’, sicabanga ngosonhlalakahle, onompilo, abaholi bezenkolo, yebo bonke laba babalulekile ekwakhiweni kwemiphakathi enenqubekela phambili nozwelo kodwa asikaze sicabange ngosomabhizinisi. Kodwa emazweni afana neSouth Africa, lapho izinga labantu abangasebenzi lingu 25% kanye nabantu abasha abalinganiselwa ngaphezu kwesigamu abafuna umsebenzi, abantu abafana noMoses Tembe ‘abanikela’ ngendlela eyakhayo nenenqubekela phambili, ngokwakha amathuba emisebenzi lapho abengekho khona.
Uke wathola umklomela we-Investec Bank/Sunday Tribune Entrepreneur Award, njengamanje uMoses ungusihlalo […]